17/04/2026
Ezikhathini ezedlule bekuthi uma ngigibele phezu kwalentaba ngilula amehlo ngiwabhekisa olwandle ngilubone kahle. Ngize ngibone nemikhumbi impela kanye namagagasi. Amehlo awela umfula ugcwele ngempela ngoba akushaya indiva ukuthi uma umi kuleligquma ulwandle likude cishe ngo 29km.
Phela lapha kuse kuntabeni iMbomboshane, Eshowe. Nakhu nje eZiNdophi lapha phansi bayabona abaziyo. Ungalula amehlo adlule eGingindlovu aze avinjwe ulwandle. Uma uphenduka engathi ubuka eNyakatho ubona ihlathi lasoNgoye lihleli esichongweni sezintaba! Ngapha ngaseNtshonalanga amahlo akho avinjwa amagquma aseShowe nehlathi iDlinza.
Kulentantshana iMbomboshane ngomhlaka 2 kuMbasa (April) ka1879, ngezikhathi zasekuseni kwakumi uCharles Pearson owayehola ingxenye yempi yamaNgisi. Wayemile nje umfokaPearson ebuka impi yaseGingindlovu ngezipopolo njengesihlwele. Eyibuka yenzeka ngaso leso sikhathi leso eyenzeka ngaso. Kwamjabulisa ukubona amaButho kaZulu eholwa ngumntwana uDubulamanzi kaMpande ehlehla empini enqontshwa ngamaNgisi. Phela naye uPearson wayewazi kahle uZulu uma usuhlomile ukuthi kusuke kungasadlalwa.
Nguye uPearson owayehola impi yamaNgisi ebhekene namaButho kaZulu empini yaseNyezane eyenzeka ngosuku olulodwa nempi yaseSandlwana. Bathi amabutho kaZulu aqhamuka ekuseni amaNgisi esadla ibhlakufesi, amaButho kaZulu abonakala egcwele intaba iWombane. Ehla amabutho eqonde phansi emfuleni eNyezane lapho kwakumise amaNgisi. Saqhuma isibhamu, wama isibindi uZulu kodwa kwaphoqa ukuba uhlehle. Wanqoba kanjalo umfoka Pearson nebutho lakhe lamaNgisi. Wanyukela eShowe namabutho amaNgisi bahlala esontweni kaMondi. Lempi ayibuka ngezipopolo yayizokhulula yena maButho amaNgisi!